Monday, September 6, 2010

IziNtshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

IziNtshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni
Intshumayelo ngomkhosi wokubonga ukuvuna, ngomhla ka 05. 09. 2010                     45/2010
                             Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele.


1.         Iculo 162/10

2.                                 Umkhuleko: Nkulunkulu, Baba wethu osezulwini, siyacela uMoya wakho oNgcwele ukuba asifundise ukukubonga ngendlela efanele. Lokhu sicela egameni loMsindisi wethu uJesu Kristu. Amen.

3.         Iphistola ngohlelo lwesine lilotshiwe ku 1 Thimothewu 4:4-5;
Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuLuka 12:13-21.

4.         Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise ...                            5.Iculo 158/1

6.         Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo       7. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe
ku-2 kwabaseKorinthe 9:6-15, lithi: "Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, njengokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.’ Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngalenkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunklu ngabaningi, lokhu ngokuvivinyeka kwalenkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo." Amen.

8. Intshumayelo: Bathandekayo eNkosini! “Kuhle ukubonga uJehova!” (IHubo 92,1) Ngempela kunjalo, kuhle ukubonga uNkulunkulu wethu, uMdali noMlondolozi wethu, uBaba wethu osezulwini ngokuba muhle. UNkulunkulu uyasipha imihla ngemihla konke esikuswelayo ekuphileni kwethu. Siyazi ngomusa nangobubele bukaNkulunkulu kithina. Sizwile ngakho, sifundile ngakho, sikwazi ngempela ngothando lwakhe kithina esingabantwana bakhe ngombhapathizo. Ngempela thina esingabakhethiweyo bakaNkulunkulu ngomusa wakhe, silazi ivangeli lakhe, siyalazi ngempela. Izinhliziyo zethu zifanele ukuchichimeka ngokubonga ngokuba siwazi umusa wakhe kithina. UPawulu uyaloba ngokuthi: “Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.” (2Kor8,9) Bathandekayo eNkosini lomkhosi wokubonga ukuvuna awusiwona umkhosi wokuzibonga thina, noma ukubonga amandla ethu, noma ukusebenza kwethu ngokukhuthala, kungumkhosi wokubonga uNkulunkulu wethu. Uma simbonga uNkulunkulu siyakhumbula njalo umsebenzi wakhe owasenzela thina, ngisho umsebenzi wokusihlenga ekufeni okuphakade, emandleni esono nasemandleni kaSathane. UMsindisi wethu waba mpofu ukuba sicebe thina abampofu ngamagugu ezulu.
Uma sigubha lomkhosi namuhla wokubonga ukuvuna, siyabonga uMdali wethu ngokuba uyasipha okuningi okuhle. Yebo, “uyabapha bonke abantu, nabangalungile, isinkwa semihla nangaphandle kwesicelo sethu” nangaphandle kokubonga kwethu, kepha emkhulekweni weNkosi “siyanxusa ukuba asiqondise lokhu, samukele ngokubonga isinkwa sethu semihla”. Inkinga yethu, inkinga yabantu ingukukhohlwa umusa nothando lukaNkulunkulu kithi. Ngesinye isikhathi siyacabanga ukuthi sikufanele konke esinakho. Siyacabanga ukuthi uNkulunkulu ufanele ukusondla nokusipha konke okuhle. UMdali uyasipha ukuphila, uyasipha konke esikuswelayo ekuphileni kwethu. Kufanele simbonge. Ngomusa kaJesu Kristu sicebile kakhulu. Ngomusa kaJesu Kristu sitholile ukuphila okuphakade, ukuphila embusweni wakhe. Lomusa kaJesu Kristu uyabusa ukuphila, ukuqonda, ukwenza kwethu konke.
Kulelizwi lanamuhla umpostholi uPawulu uyakhuluma nebandla lakhe ngomnikelo: “Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikela njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” (2Kor 9,6-7) Umnikelo uyindlela yokubonga uNkulunkulu ngakho konke esikutholayo esandleni sakhe somandla. Ukubonga akufaneli ukuvela ngokushaya noma ngokucindezela. Ukubonga akufaneli ukuba khona ngokuphoqeka. Ukubonga kuvela enhliziyweni, ngenkululeko. Ukubonga kuvela ngokuthokoza, ngothanda. Kuyiqiniso ukuthi siyafundisa abantwana bethu ukuba babonge. Uma bethola ukudla, uma bethola izipho, uma bethola okuhle, siyabafundisa ukuba babonge. Ibhayibheli nekhathekisemu liyasifundisa ngokubonga, ngokuba uma sisengozini, kaningi siyakhohlwa konke okuhle esikutholayo imihla nemihla kuNkulunkulu. Ukubonga kuyisithelo sokukholwa. Nokukunikela kuyisithelo sokukholwa kwethu, ngokuba ngakho siyambonga uNkulunkulu wethu. Ngokunikela siyamdumisa uNkulunkulu. Ngokunikela siyamlalela uNkulunkulu. Ngokunikela siyamkhombisa uthando lwethu kuye onguMdali noMlondi wethu. Ngikhululekile ngomusa wakhe, ungisindisile ngokufa kwakhe, uyangivikela imihla namalanga, uyangipha konke engikuswelayo ekuphileni kwami. Yebo, uyangipha ukuphila okuphakade, ngiyathanda ukumbonga nangomnikelo wami.
Ukubonga uNkulunkulu ngemali yethu kuyisithelo sokukholwa kwethu. Ukukholwa kwethu kuyathela lesisithelo sokunikela. Asithengi lutho kuNkulunkulu ngokunikela kwethu, kodwa siyambonga ngenhliziyo yethu yonke. Lithi izwi lethu: “UNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza”. Asiniki umnikelo wethu ngokuba sicindezelwa phansi ngomthetho. Siyanikela ngokubonga, sinikela ngenkululeko, siyanikela ngenhliziyo ebongayo. Ake singamhlambalazi uMdali noMlondi wethu, kodwa simbonge ngendlela elungile. Kumnandi ukubonga uNkulunkulu, kuhle, kufanele. “Kuhle ukumbonga uJehova!” (Ihubo 92,1)
Kuvelaphi lemali noma lomnikelo esinikela ngalo na? Umnikelo wethu uqhamukaphi na? Impendulo siyathola kulelizwi lanamuhla elithi: “Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiwe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.” Konke esinakho kuyavela kuNkulunkulu uBaba wethu osezulwini. Konke esikunikela yena, kungokwakhe ngempela. Asimniki lutho, kodwa yena uyasinika konke. Ngokunikela sandisa umbuso wakhe ukuba ufinyelele nakubo abanye abantu abasemhlabeni. “Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, lokhu ngokuvivinyeka kwalenkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini.” Umnikelo wethu uyasiza abangcwele, uyazala ukubonga okukhulu kakhulu nakubo abanye abakholwayo, kuyakhiwa nobuhlelwane phakathi kwethu nabanye abasonta nathi.
Izwi lanamuhla liyagcina ngokubonga, ngokubonga okukhulu kakhulu nangokukhuthaza ibandla ngelizwi elihle elithi: “Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.” Thina esingabantu siyaswela amazwi ukubonga uNkulunkulu ngokufanele. Asikwazi. UNkulunkulu makasisize njalo njalo ukuba sifumana amazwi amahle yokumbonga ngendlela efanele. Simbonga ngokucula nangokuhlabelela. Simbonge ngokugida nangokusina. Simbonge ngokushaya izandla nangamacilongo. Simbonge ngomnikelo nangokuzinikela. Simbonge ngakho konke ukuphila kwethu. “Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.” Amen.

9.         Umkhuleko: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa, yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele; osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.” Amen.

. Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini ...

10. Iculo 171/314

Ukuthula kukaNkulunkulu odlula ukuqonda konke makulondoloze izinhliziyo zethu nemicabango yethu kuKristu  Jesu, iNkosi noMsindisi wethu. Amen.
                                                                                   Lentshumayelo ilotshiwe ngo-2010 ngu-P. C. Weber.
       Ukucindezelwa nokuthunywa kwezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangano ethiwa: Lutheran Heritage Foundation.

No comments:

Post a Comment