Friday, August 27, 2010

Dikgang tse di Khutshwane - IziNdaba eziFingqiweyotsa Kereke ya Lutere- zekerike ngokobuLuthere


 

Dikgang tse di Khutshwane - IziNdaba eziFingqiweyo

tsa Kereke ya Lutere- zekerike ngokobuLuthere


 

August 2010 - ngesiZulu


 

Nansi imisho eminye kaC. F. W. Walther ehunyushelwe esiZulwini:

Isifundo seshumi nanye:

Ngokwesikhombisa izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kududuzwa labo kuphela ngevangeli abazikhalela izono zabo ngokumethanda uNkulunkulu, uma kungaduduzwa nabo abazikhalela ngokumesaba uNkulunkulu, nolaka lwakhe, nesijeziso sakhe.

Isifundo seshumi nambili:

Ngokwesishiyakalombili izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma kufundiswa ukuthi izono ziyathethelelwa ngenxa yokudabuka kanye nokukholwa.


 

Isifundo seshumi nantathu:

Ngokwesishiyakalolunye izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma ukukholwa kubizwa ngendlela yokuthi umuntu unamandla okuzenzela ukukholwa, noma okusiza ekukutholeni, uma kungazanywa ukukufaka enhliziyweni yomuntu ngokumshumayeza izithembiso zevangeli.

Isifundo seshumi nane:

Ngokweshumi izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma ukukholwa kubizwa njengesisusa nesizathu sokuthethwa kahle nokusindiswa, uma kungashunyayelwa ukuthi sithethwa kahle, siyasindiswa ngokukholwa, uma kuthiwa sithethwa phambi kukaNkulunkulu, sisindiswa ngenxa yokukholwa, noma uma kubhekwa ukukholwa ukuthi kuyinzuzu (kuyathenga, ngoba ngokukholwa siyamukela intethelelo, asiyizuzi, izuziwe nguKristu.)

Isifundo seshumi nanhlanu:

Ngokweshumi nanye izwi likaNkulunkulu alihlukaniswa ngokufanele, uma ivangeli lenziwa, libe intshumayelo edabukisayo.


 

Ukungeniswa kombhishobhi omusha weKerike ngokobuLuthere eNingizimu Afrika

Ngomhla ka 21. 3. 2010 ngesonto elithiwa Judika umbhiobhi omusha wekerike lakithi, umfundisi uDr. Karl Peter Paul Wilhelm Weber ungenisiwe esikhundleni sakhe ngokwesimiso sekerike ngumbhishobhi uDr. David Tswaedi eMofolo North. Umbhishobhi omusha ufikile emhlabeni ngomhla ka 5. 9. 1961, eseqedile ukufunda ezikoleni nasekholishi wagcotshelwa ubufundisi ngomhla ka 2. 8. 1992, nokungeniswa ukuba ngumfundisi webandla laseWittenberg eduze naseMkhondo/Piet Retief, lekerike elithiwa FELSiSA. Ngomyaka ka-2000 ikerike lakithi lambiza, nokumngenisa ukuba ngofundisayo ekholishi lekerike lakithi eTshwane ngoDecember. Khona ePitoli wenza ubunyanga betheoloji eUNISA. Kwathi umfundisi uRradikobo Ntsimane ethuthele eThaweni, umf. uDr. Weber wamgeniswa ukuba ngumphathi wekholishi. Uganiwe noAngelika, indodakazi yomf. omk. uGünther Scharlach, banabantwana abane.


 

Ibandla laseMofolo North lenze umsebenzi omkhulu ngokulungisela umkhosi wokungenisa umbhishobhi omusha esikhundleni. Kwamiswa amatente amabili amakhulu ukulungisela ibandla elikhulu eladlula abantu abayingukulungwane indawo yokuhlala, nokwamukela ibandla elidkhulu ngezandla ezimbili ngokulungisela abantu abaningi kangaka okwaya emathunjeni. Ababendla ezifundamfundisi omkhulu saseBotswana, nesaseNorth West, naseGoli, naseMpumalanga, nesaseKwaZulu/Natal babekhona, nababethi bamacilongo, nabahlabeleli bahlobisile umkhosi lowo ngamaculo abo.

Iningi labafundisi nabafundisi abakhulu bekerike lakithi babefikile ukugubha lomkhosi omuhle nombhishobhi omusha wabo. Abafundisi bamakerike anobudlelwane bekerike nelakithi babefikile, baletha izibingelelo zamakerike akubo, ngisho umfundisi omkhulu wesifundamfundisi esithiwa SID sekerike elithiwa Lutheran Church - Missouri Synod wabingelela egameni lomongameli wekerike lakubo, umf. uDr. Mischnik, nokufisela umbhishobhi omusha isibusiso sikaNkulunkulu, kanjalo nomfundisi omkhulu wesifundamfundisi esithiwa RMD, yizo eziyizifundamfundisi omkhulu zalelikerike ezisekelayo umsebenzi wekholishi nekerike lakithi. UProf. Dr. Werner Klän wabingelela egameni lombhishobhi uJörg Vogt wekerike elithiwa Selbständige Ev. Luth. Kirche laseJalimane, nokudlulisela izibusiso zikaNkulunkulu kumbhishobhi wekerike lakithi. Iphini lomfundisi omkhulu wekerike elithiwa FELSiSA, umf. uDr. Dieter Reinstorf wabingelela ibandla, nokudlulisela amazwi esibusiso, nokukhuluma amazwi amahle akhomba ithemba ukuthi nasesikhathini esizayo lamakerike amabili ngokobuLuthere azosebenzelana ngokuthandana nangokuhloniphana. Kwafundwa nezincwadi zokubingelela ezavela emakerikeni amanye enhlangano ethiwa International Lutheran Conference, njengekrike ngokobuLuthere laseKorea, nelaseIndiya. Umf. uPeter Weber wasoHlangeni ukhulumile egameni lomongameli wemishane ethiwa Mission of Lutheran Chruches, umfundisi uChristoph Weber, owayengaseJalimane, wafisela umbhishobhi omusha izibusiso zikaNkulunklulu, nokubonga umbhishoi uDr. Tswaedi ngokuthi wenze umsebenzi omkhulu wokuba yifolosi ekerikeni lakithi, wafisela umnewabo ukuba yifolosi impela, wamfisela ukuba izinkabi ezinye eziseyokweni zidonse kahle kanye naye, wathi: Ifolosi alikwazi ukwenza lutho, uma ezililandelayo zingadonsi kanye nalo ukuba inqola yeNkosi iphume odakeni.

    

Umbhishobhi omusha wabonga izibingelelo nokwamukelwa kahle enkonzweni enkulu, eyinkonzo yokubonga uNkulunklulu, nokumdumisa, waphatha intshumayelo ngokugcizelela izwi leNkosi elitholakala emlandweni ngokubamba izinhlanzi eziningi athi: Qhubekela ekujuleni, nihlise amanetha enu, nibambe. Kulawomazwi kuhlangnisiwe isithembiso esikhulu sokubamba abantu abaningi ukuba babuyiselwe eNkosini. Ayakhomba ungathi njengomfowabo ekhulumile ukuthi asiphumeleli ukwenza umsebenzi sisodwa. Ababebamba izinhlanzi eziningi kakhulu babaqhweba omana babo ababekomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Wakhumbuza ukuthi asisodwa emkhunjini wethu wekerike, kukhona omakhelwane bethu, amakerike amelwe ukusiza ukubutha abantu abaningi. Akufanele ukuba sizame ukwenza umsebenzi ngaphandle kwabo. Uma sihluleka ukwenza okuthile ngenxa yobuthakathaka bethu, masingabi nezinhloni ukucela usizo kubo abathanda umsebenzi wekerike ngokobuLuthere njengathi, noma abasezweni lakithi, noma emazweni amanye asenyakatho eAfrika, noma amakerike aphesheya. Omakhelwane babo labaya babefika, baphumelela ukufikisa iningi lezinhlanzi ogwini.


 

Umfundisi uRadikobo Ntshimane wayephatha uhlelo lwenkonzo, wasiza ngokukhuluma isiTswana, isiZulu nesiNgisi. Ubaba-mbhishobhi uTswadi wangenisa umbhishobhi omusha esikhundleni sakhe. Umbhishobhi omusha wangenisa iphini lombhishobhi umfundisi omkhulu uVictor Vilakazi wesifundamfundisi omkhulu saseMpumalanga, futhi waphatha intshumayelo ngesiNgisi. Inkonzo yagcina ngokwabela isidlo seNkosi, samukeliswa ngabafundisi abangu-6 ukuba abasamukelayo basheshe basamukele. Ababethi bamacilongo babehola amaculo ukuba kubonakale intokozo enkulu obusweni babo bonke ababesondela ukwamukela umzimba negazi likaKristu e-altare. Umbhishobhi omusha waphetha inkonzo ngesibusiso seNkosi. Kwakhishwa umnikelo. Bonke babemenywa ukuhlangana ezimbizeni ezilungiselwe ngokudla okumnandi. Kwakulusuku lwentokozo enkulu egcekeni leNkosi.


 

Abafundisi bayamenywa ukuba bahlangane eCyara ngoAugust 31 - September 2, 2010

Okwemishane ethiwa eyamaKerike ngokobuLuthere

(The Mission of Luterhan Churches {Blecmar})

Emhlanganweni womkhandlu wemishane ngomhla ka 10. 3. 2010 eBleckmar umfundisi omkhulu uRoger Zieger wakhethwa ukuba ngumongameli omusha wemishane esikhundleni somfundisi uMarkus Nietzke owamukele ukubizwa yibandla laseHermannsburg elithiwa Kleine Kreuzkirche elalisekela umsebenzi wemishane yakithi kusukela ekuqaleni isihlukene nemishane yaseHermannsburg ngomnyaka ka 1892. Siyamfisela umongameli omusha wemishane isibusiso seNkosi, nothando olukhulu lokusebenzelana nekerike lakithi ngesineke esikulu ngokwesibonelo sokusebenzelana nokusizana okwakukhona phakathi kwabomongameli bemishane ababekhona ngaphambili nekerike lakithi, njengasesikhathini somfundisi uDr. F. W. Hopf, nesomfundisi uDr. Volker Stolle, nesomfundisi uJohannes Junker, nesomfundisi uGerhard Heidenreich, nesomfundisi uMarkus Nietzke. Umongameli omusha wemishane, umfundisi omkhulu uRoger Zieger, kwamanje ungumfundisi webandla laseBerlin-Spandau, nomfundisi omkhulu wesifundamfundisi omkhulu saseBerlin-Brandenburg sekerike elithiwa Selbständige Ev. Luth. Kirche (SELK). Uganiwe, unabantwana ababili. Umfundisi omkhulu uRoger Zieger uyangeniswa esikhundleni sokuba ngumongameli wemishane ngomhla ka 11. 7. 2010 emkhosini wobuthunywa eBleckmar.


 

Umkhandlu omusha wekerike elithiwa

"Free Evangelical Lutheran Synod in South Africa" (FELSiSA

Umhlangano wesinodi leFESiSA owawukhona eThekwini wanquma ukuba umongameli walo angabe esabizwa ngokuthi umfundisi omkhulu (Präses, president), kodwa abe ngumbhishobhi, ngokuba leligama likhomba impela ukuthi kuthiwa umholi wekerike, kungabi isikhulu sezwe, noma umphathisihlalo senhlangano ethile. Umfundisi omkhulu uPeter Ahlers uqedile umnyaka ka65, uphumile kulesisikhundla. Kwakhethwa umfundisi uDr. Dieter Reinstorf webandla laseCape Town ukuba ngumbhishobhi wokuqala wekerike lakubo, umfundisi uDieter Schnackenberg waseLüneburg ukuba yiphini lombhishobhi, umfundisi uRüdiger Gevers wasePanbult abe ngumfundisi wesithathu emkhandlwini wabo. Nabanumnzane ababili, uHerbert Schulz waseKirchdorf, noManfred Johannes waseSt. Paul's eArcadia, bangamalungu omkhandlu weFElSiSA. Umphathi wesikhwama sabo ungumnumnzane uBerno Niebuhr, naye ungowebandla elithiwa St. Paul's eArcadia. Umbhishobhi wekerike lakithi, uDr. Wilhelm Weber, wayemenyiwe ukudlulisela izibingelelo nezibusiso emhlanganweni wesinodi egameni lekerike lakithi, njengalokhu kwenzekile njalo ngaphambili ukuba umbhishobhi wekerike lakithi abe khona emhlanganweni wesinodi lakubo, Umbhishobhi uWeber wabonga ukusebenzelana nokusizana phakathi kwamakerike akithi amabili, waphawula ukusebenzelana okuthokozisayo kakhulu ebandleni lekholishi laseTshwane nebandla elithiwa St. Paul's eArcardia, naphakathi kwebandla laseKirchdorf nemishane ethiwa Mission of Lutheran Churches emsebenzini webandla lasePella nebandla elithiwa Our Saviour's laseWartburg ngokubiza umfundisi uChristian Tiedemann ukuba ngumfundisi wakhona. Wabonga ukusebenzelana nokusizana okukhulu okuphakathi kwebandla elithiwa St. Peter's laseWestville nebandla lekerike lakithi eNtshongweni, nokusebenzelana nokusizana okunye.


 

Okunye kweFELSiSA

Umfundisi uGerald Paul owayengumfundisi ebandleni laseWittenberg, nomfundisi uJosef Henning owayengumfundisi ebandleni elithiwa ELF eGoli bamukele ukubizelwa esebenzini wamabandla ekerike elithiwa Lutheran Chruch - Missouri Synod. EWittenberg umf. omk. em. UPeter Ahlers wamukela isicelo ukuba abambele khona eWittenberg, baze bathole umfundisi omusha. Umbhishbhi uDieter Reinstorf wamukela ukubizwa ukuba asuke eCape Town, abe ngumfundisi webandla lakubo ePietermaritzburg. Umvivinywa uTobias Ahlers uyaqhubeka ngokufnda kwakhe ebandleni laseWestville elithiwa St. Peter's, ongamelwa khona


 

 


 

I-Almanaki lekerike lakithi

I-Almanaki lekerike lakithi likhishiwe ngokusha lonyaka, liyabiza R15. Uma othile ebona iphutha maqondana namagama, nekheli, noma nezibalo, makazasise umbhishobhi ukuba kulungiswe.


 

Abafundisi ababemenyiwe ukuvakashela phesheya

Umbhishobhi omdala nomoshwa bamenywa ukuba khona emhlanganeweni omkhulu wesinodi lekerike elithiwa LC-MS, ngakholokhu baya eMelika umbh. uWeber waya eMelika ngomhla ka 26. 5. 2010, wacelwa ukushumayela emabandleni athile esifundamfundisi omkhlu esithiwa SID, neRMD, endleleni yokubuya uzoshumayela eFarven (kumf. uBermhard Schütze naseHermannsburg kumf. uMarkus Nietzke owayengumongameli wemishane yakithi elithiwa Mission of Lutheran Churches (Bleckmar). Emabandleni ekerike elithiwa Selbständige Ev. Luth. Kirche umfundisi wekerike lakithi uPaul Mogale owaseGaborone wayemenywa ukuhambela amabandla ekerike lakithi laseJalimane elisekelayo umsebenzi wekerike lakithi, ukuba abe khona emhlanganweni womkhandlu wemishane, mhla kwakhethwa umongameli omusha, kanye nomfundisi uChristoph Weber waseThekwini manje, umongameli wemishane eNingizimu Afrika ngokomthetho wezwe. Sebebuyele ekhaya. Umfundisi uPeter Weber umenywe ukuba khona eJalimane ngoSeptember. Izinkambo ezinjalo mazithele uthando lokusekela umsebenzi wekerike lakithi eAfrika njalo ngokusha.


 

Ukusebenzelana nokusizana phakathi kwamakerike ngokobuLuthere

Kungokukhulu, okudingekayo impela ukuba umsebenzi wobuthunywa ongukubamba abantu ngokomyalo weNkosi odlula amandla ekerike elibuthakathaka kokuningi elimelwe ukwenziwa ekerikeni, njengokuhola izisebenzi zekerike kahle, nokwakha, nokulungisa izindlu zamabandla, ukuthwala nezindleko ezinye ezingabakhona, njengezinyawo zabamelwe ukuphatha izinkonzo, noma amakilasi athanda ukulungiselwa ukubhapathizwa noma umqiniso. Umholi wekerike, nabaholi bamabandla abaphumeleli ukwenza wonke umsebenzi bebodwa, njengefolosi lingaphumeleli ukudonsa inqola noma igeja lilodwa, kuyadingeka ukuba izinkabi ezinye eziseyokweni nazo zidonse impela, kanjalo kudingeka ukuba omakhelwane babizwe ukusiza ukudonsa amanetha agcwele iningi lezinhlanzi ezibanjiwe. Ababekhona ngaphambili babengali ukucela usizo oluvela amakerikeni asemazweni amanye ngenxa yokuzikhohlisa ngokusho ukuthi bazophumelela ngokwabo. Kuhle kakhulu, uma siphumelela ukuzimela, nokwenza yonke imisebenzi, kodwa uma kukhona imisebenzi engenziwa ngokuswela, masiceleni izinsizo kwabanye abathanda ukusisiza, singali izinsizo lezo ngenxa yobandlulula obungafanele, sizamukele ngokubonga, ngokuthokozela ukusebenzelana nokusizana okufanele abantwana bakaNkulunkulu, ngisho usizo ngokusizwa ukuba izisebenzi zamukele amaholo azo kahle, nokuthi amabandla abe nabafundisi abayakwenza umsebenzi wabo ngokuthembeka. Usizo olunjalo lufanele ukuhlelwa kahle ngezimiso ezilungile phakathi kwamakerike nemishane, phakathi kwekerike namakerike. Usizo olunjalo maluqhubeke, noma umfundisi othile ephuma emsebenzini, kodwa usizo luqhubeke ngokuzwana okukhulu ukuba usizo olunjalo lunganqunywa kuphela ngamabomu, kodwa lusekelwe ngezithembiso ngokwesimiso esisekelwa ngokuthembeka okukhulu. Makwenzeke ngokwezimiso ezabusa ikerike nemishane yakithi kusukela ekuqaleni, ngisho esithi: Ikerike ngokobuLuthere liyaqhuba umsebenzi wemishane ngokobuLuthere kuphela. Imishane ngokobuLuthere ingasekelwa yikerike ngokobuLuthere kuphela, nesithi: Imishane ngokobuLuthere yenziwa ukwakha ikerike ngokobuLuthere.

No comments:

Post a Comment