Friday, August 27, 2010

IziNtshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

    IziNtshumayelo zokuSebenzelana ekuZwaneni

Intshumayelo ngesonto 13 emva komkhosi wobuthathwemunye, ngomhla ka 29. 08. 2010    44/2010

    Egameni likaNkulunkulu onguYise, neNdodana, noMoya oNgcwele.

1.    Iculo 226/272


 

2.    Umkhuleko: Nkosi, Nkulunkulu, Baba osezulwini, nanamuhla siyacela kuwe ukuba usabele uMoya oNgcwele ukuba asisize ukuhlukanisa uthando olubiza kithi ngomthetho wakho, nothanda osithanda ngalo ngokwevangeli leNdodana yakho uJesu Kristu ukuba siduduzwe ngothando lwakho, sivuselelwe ukukuthanda phezu kwezinto zonke, nawomakhelwane bethu, njengalokhu sithandiwe yiNdodana yakho. Mawusizwe ngenxa kaJesu Kristu, iNdodana yakho, iNkosi yethu. Amen.


 

3.    Iphistola ngohlelo lwesithupha lilotshiwe kuzo izEnzo 6:1-7;

Ivangeli ngohlelo lokuqala lilotshiwe kuLuka 10: 25-37.


 

4.    Isivumo senkolo: Ngiyakholwa nguNkulunkulu uYise ...    5. Iculo 6/43


 

6.    Umkhuleko wakhe ofundayo intshumayelo    7. Iphistola ngohlelo lwesibili lilotshiwe

ku-1 Johane 4:7-12, lithi: "Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe-yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. UNkulunkulu akazange abonwe-muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi." Amen.


 

8. Intshumayelo: Bathandekayo eNkosini yethu uJesu Kristu, kuyakhulunywa okuningi ngothando. Namuhla uNkulunkulu uyathanda ukusisiza ukuhlukanisa kahle phakathi kwezinhlobonhlobo zakho okuthiwa uthando ebantwini. Nothando oluthiwa uthando ebantwini luyathokozisa, kodwa simelwe ukuqaphela impela ukuba siqonde uthando uNkulunkulu alusho ezwini lakhe ukuthi luluthando ukuba singazikhohlisi ngokulandela incazo yothando oluphambene ngokwempela nothando uNkulunkulu alusho ukuthi luluthando. Ezinyangeni ezidlulileyo sesizwile ukuthi uNkulunkulu usho ukuthi kuluthando okuhambelana ngokwempela nemiyalelo yakhe. Uthando olushiwo ngabantu ukuthi kuluthando, noma ukuthandana kwabo kwenzeka kuphela ngokweqa imiyalelo kaNkulunklulu akusilo uthando oluthiwa uthando nguNkulunkulu ezwini lakhe. Akusilo uthando, kodwa kuyizeqo zomthetho wakhe emehlweni kaNkulunkulu. Ezwini lentshumayelo yanamuhla siyathola ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma ngomphostoli wakhe ukusisiza ukuqonda isilinganiso sothando uNkulunkulu alusho ukuthi luluthando.

1. Luluthando abazelwe ngokusha abathanda ngalo.

2. Luluthando abamaziyo uNkulunkulu abathanda ngalo.

3. Luluthando abakholwa inhlawulo kaJesu Kristu abathanda ngalo.

4. Luluthando abantwana bakaNkulunkulu abathandana ngalo.


 

1. Izwi lentshumayelo yanamuhla liyakhuluma ngothando lomuntu ozelwe ngokusha nguNkulunkulu. Ongakazalwa ngokusha ngamanzi nangoMoya oNgcwele uhlulekile ukuthanda ngothando uNkulunkulu alufunayo kuye. Onjalo useyinyama kuphela, ngokuba okuzelwe yinyama, kuyinyama. Kusho ukuthi akakwazi ukuthanda ngothando olushiwo uthando nguNkulunkulu. Usabanjiwe emandleni ezinkanuko zenyama yakhe. Kodwa ukukhanuka, nokufisa kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, kungukuphambana nentando kaNkulunkulu, akusikho ukumthanda. Kuyadingeka ukuba uNkulunkulu azale umuntu ngokusha ngamanzi nangoMoya embhapathizweni ukuba kuvele inguquko, umuntu angene embusweni kaNkulunkulu, amukelwe phansi kombuso wakhe, aholwe yintando nothando lwakhe, kucinywe umlilo wezinkanuko zenyama, kuthungelwe umlilo wezifiso ezintsha, nowokukhanya kothando emuntwini.


 

2. Ngokwesibili kwezwi lentshumayelo yanamuhla kuyaphawulwa uthando ukuthi lungolwabaziyo uNkulunkulu. Kuthiwa: Bonke abathandayo bayamazi uNkulunkulu. Kusho ukuthi ongamazi uNkulunkulu weqiniso akamthandi ngothando olushiwo nguNkulunkulu ukuthi luluthando. Kuyizwi likaNkulunkulu elisigqugquzelayo ukuba sikhumbule bonke abangakholwa nguNkulunkulu weqiniso, abasalandelayo onkulunkulu-mbumbulu, abangathandi ukwamukela ukukholwa kobuKristu kokukholwa nguNkulunkulu onguYise neNdodana noMoya oNgcwele. Ongamazi loNkulunkulu weqiniso akanathando oluluthando impela, noma ekhuluma okuningi ngothando, nokuthandana, nokuzwana, nokwamukelana phakathi kwabantu.


 

3. Leliqiniso libonakala kakhulu ngakho okwesithathu okushiwo yizwi lentshumayelo yanamuhla. UNkulunkulu weqiniso ungothumile iNdodana yakhe uJesu Kristu emhlabeni ukuba izalwe nguMariya intombi, ihlushwe, izinikele ekufeni, yebo ekufeni kwesiphambano ukuba ilungisele abantu bezizwe zonke bezikhathi zonke inhlawulo, ikhokhele icala lezono zabantu, inqobe ukufa noSathane ngokuvuka kwayo kwabafileyo, isilungisele indawo embusweni kaNkulunkulu, ekuphileni okuphakade enkazimulweni kaNkulunkulu. Ukuthunywa kweNdodana kaNkulunkulu kuyisilinganiso ngokwempela sothando lukaNkulunkulu, njengalokhu kulotshiwe ezwini lentshumayelo yanamuhla ukuthi Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Ngokuthuma iNdodana yakhe uNkulunkulu uzifakazele impela ukuthi uluthando. Uluthando olusibekela inqwaba yesono. Ukwazi leliqiniso, nokukholwa yilo ngenhliziyo yonke kungukuthanda uNkulunkulu ngokuyikho. Uma umuntu engakholwa ukuthi zonke izono zakhe zithethelelwe nguNkulunkulu ngokwesithembiso sakhe, osangabaza ngaleliqiniso, uyafakaza ukuthi akakazi uNkulunkulu weqiniso. Ongamaziyo, angamthanda kanjani na?


 

Kuthiwa bonke abaguqulayo loluhlelo lukaNkulunkulu oluthi ngothando lwakhe uNkulunkulu usilungisele inhlawulo, ukubuyisana naye, intethelelo yezono, insindiso nokuphila okuphakade, ngisho abaluguqulayo ngokusho ukuthi yibo uqobo ngothando lwabo abayazilungisela konke lokho, ngokungathi: bayacabanga ukuthi baphumelela ukuthenga uNkulunkulu ngakho okwabo. UNkulunkulu akathengwa ukuba asilungisele okuthile, noma ukuba asithande. Nguyena osilungisele konke ngothando lwakhe, nokusithanda, singakamthandi. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina kwesakuqaleni, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. UNkulunkulu wasithanda kangaka. Ngokwemvelo yethu sasingalazi iqiniso lothando lwakhe olungaka. Salwambulelwe nguye ngezwi lakhe, njengalokhu izwi lentshumayelo yanamuhla liqinisa, lithi: UNkulunkulu akazange abonwe-muntu. Akakho oké wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise, yiyona embonakalisile ngevangeli lakhe. Njengoba sikholwa esikulungiselwe yiNdodana kaNkulunkulu, sithanda uNkulunkulu weqiniso.


 

4. Ngothando olungaka uNkulunkulu futhi wagqugquzela uthando ezinhliziyweni zethu ukuba sezwe iseluleko sezwi lentshumayelo yanamuhla ukuba sithandane nawomakhelwane bethu, lithi: Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. Khona lapha kuyadingeka ukuba ukuthandana kwethu kungabi olokuzenzisa nje, kodwa lube uthando oluphawuliwe nguNkulunkulu ezwini lakhe elaluphawula ngokusho ukuthi: Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke. Uma sizihlolisisa ngalesisilinganiso sothando olushiwo uthando nguNkulunkulu, sizoqonda masinyane ukuthi asithandanga kanjalo, asithandanga, njengalokhu uNkulunkulu uYise, neNdodana isithandile. Ngakho lokhu sivuma icala lethu, siyasakhalela iseqo sethu, kodwa asilahli ithemba ekudabukeni kwethu, kodwa sigijimela othandweni lukaNkulunkulu osithanda ngothando olungaka olusibekela inqwaba yezono zethu. Siyethemba ukuthi uyathungela ukukhanya kothando ezinhliziweni zethu, sivuselelwe ukumthanda phezu kwezinto zonke, nokuthanda omakhelwane bethu, njengalokhu sithandiwe nguNkulunkulu onguYise kaJesu Kristu, noBaba wethu, neNdodana yakhe uJesu Kristu, noMoya oNgcwele osebenza kithi ngezwi namasakramente kaJesu Kristu. Amen.


 

9.     Umkhuleko: Nkulunkulu, Mnini-mandla-onke, mawusiphe ukukholwa kweqiniso okuhle, ukwandise kithi ngezinsuku zonke, usiphe nothando nethemba, sikhonze kuwe nakubo omakhelwane ngokwentando yakho ngothando osithande ngalo ngayo iNdodana yakho, uJesu Kristu, iNkosi yethu. Amen.

Umkhuleko weNkosi: Baba wethu osezulwini ...


 

10.    Iculo 191/182


 


 

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke makulondoloze izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. Amen.

Lentshumayelo ilotshiwe ngo-2010 ngu-.E. A. W. Weber.

Ukucindezelwa nokuthunywa kwezintshumayelo kuyasekelwa yinhlangano ethiwa: Lutheran Heritage Foundation.

No comments:

Post a Comment